Amashede obisi, yindawo lapho kusengwa khona nalapho kuphathwa khona ubisi ngendlela ehlanzekile. Isicelo sesitifikedi sokwamukeleka kweshede lokusengela ubisi, kumele senziwe ngokubhala. Isicelo kumele sibandakanye ulwazi okukhulunywa ngalo ngezansi.
Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwabo Mnyango wezeMpilo.
Yenza isicelo esibhaliwe kwiziphathimandla zendawo endaweni lapho kuzosengelwa khona ubisi, noma lapho ishede izokwakhiwa khona.
Nikeza ngolwazi olulandelayo.
Isikeshi nokwendlaleka kwendawo ngesikali sika-1:100 kwazo zonke izindawo zeshede lokusengela ubisi, kanye neplani yomphansi wendawo, ukubonakala kwengxenye yendawo kanye nobude bokuya phezulu kwendawo.
Zilungiselele ukunikeza noma ngabe yiluphi olunye ulwazi olungacelwa ziphathimandla zendawo.
Isipikitela weziphathimandla zendawo, uzokwenza lonke uhlolo lwendawo. Isipikitela uthumela umbiko kanye nesincomo kwiziphathimandla zendawo.
Kukhishwa isitifikedi sokwamukeleka uma ngabe umbiko wesipikitela umuhle.
Kuye hlukahlukana kunye ngesifunda nesifunda.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Isicelo sesitifikedi sokwamukeleka kweshede lokusengela. Lelifomu litholakala emahhovisi weziphathimandla zendawo noma kwaboMnyango wezeMpilo.
